ANGIMUQASHANGA U DD MINA’ MKHWANAZI

0

Thami Nkosi

Umobhala we ANC kwisifunda so UGu usechithe amahlebezi athi nguyena owaqasha umenenja wamasipala waso UGu uMnu DD Naidu nosekugcwele amahebezi okuthi kungenzeka ashiye kulomasipala ngenxa yezinkinga lomasipala obhekene nazo.

Umthombo ongaphakathi eqenjini le ANC utshele abezindaba ze eHowzit ukuthi uMzwandile Mkhwanazi namanye amalunga asesigungwini esiphezulu saleliqembu balanda u Naidu phezu kokuba bazi kahle ukuthi wehluleka ukuphatha ngesikhathi esaphethe kumasipala waseMdoni.

uMdoni omunye womasipala abebehlala benezinkinga zokungaphathwa kahle kwezimali manje bathatha lesosehluleki basiletha la bbabecabangani nje” kuqhuba lomthombo esingeke salidalula igama lawo ngoba sisabela ukuphepha kwawo.

uMzwandile Mkhwanazi ukuphike wama ngentaba lokhu njengalokhu ephinde waphika nokuthi ibona abaphoqa umenenja owashiya uLuvuyo Mahlaka ukuba ehlike esikhundleni, njengalokhu kuthiwa wayesefuna ukuveza amahlazo kanye nokuthi uMkhandlu udliwe isiFundazwe(administration)

Ekhuluma emsakazweni iRadio Sunny South uthe bona bengu ANC abakaze baqashe muntu kodwa bake basho nje kuphela ukuthi ubani abambona efanelekile ukuthatha umsebenzi.

Khona manjalo sekuphinde kwapotshoka amanye amahebezi athi u Naidu akakufanele ukuba kulomsebenzi ngoba akaqeqeshiwe ngokuphelele

 

Share.

About Author

Leave A Reply