Kuboshwe Umsebenzi Wasendlini Ngelokuzama Ukubulala

Share the news!!!

Share on facebook
Share on whatsapp
Share on twitter
Share on pinterest
Share on email

Thami Nkosi

Zithola ukwelulekwa izingane zaseMhlanga, KwaZulu-Natal, ngemuva kwezinsolo ezithi isisebenzi sasendlini sizame ukuzifakela ushevu ekudleni.

“Isehlakalo sishiye izingane zithuthumela, angeke ngiphinde ngiqashe umuntu ozosebenza endlini,” kusho umama wezingane uMandy de Lange.

Umndeni lona uthole ukuthi ukudla kufakwe ushevu ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi wenza ikhofi, ulithola linephunga elingajwayelekile.

Ngayizolo ebusuku, izingane zazikade zikhale ngephunga obisini lwazo, zaba nenhliziyo encane, zaphalaza zizwa nobuhlungu esiswini.

 

UDe Lange uthi uthole ukudla okuningi kufakwe impushana angayazi, enye yafakwa ejusini.

 

Uthi ube esetshela unogada namaphoyisa, abamtshele ukuthi akalinde kuze kube uMsombuluko kubuye isisebenzi, bese esivulela icala.

UDe Lange uthi owesifazane ubesamsebenzele kuphela isikhathi esiyinyanga , uthi ubebukeka engumuntu olungile.

 

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthi owesifazane oneminyaka engu-47 ubudala, uvulelwe icala. 

 

Leave a Reply