Ugwetshwe Udilikajele Obezitika Ngendodakazi Yakhe

Share the news!!!

Share on facebook
Share on whatsapp
Share on twitter
Share on pinterest
Share on email

Thami Nkosi

Owesilisa ugixabezwe udilikajele yiNkantolo yesiFunda yaseSikhawini ngokudlwengula indodakazi yakhe angayizali izikhawu ezimbili, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Le ndoda, 31, ivele enkantolo ngoLwesine, kusho uColonel Jay Naicker.

Isigameko lesi kuthiwa senzeka ngoFebhuwari 2010, ingane, 13, ilele ekamelweni layo ngesikhathi idlwengulwa ngubaba wayo.

Owesilisa wabe esesabisa ngokuyibulala bese eyixosha emzini wakhe uma ike yaluthi vu ngalolu daba kumama wayo.

NgoMashi wonyaka odlule, le ndoda yaphinda futhi yadlwengula le ngane.

“Umama wabona ngesisu sengane sikhula wase eyibuza ukuthi yoniwe ngubani, yase igonyuluka ngakho konke okuke kwenzeka,” kusho uNaicker.

Udaba lwabe selubikelwa amaphoyisa, ase eqala uphenyo, yase iboshwa indoda.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLt-Gen Mmamonnye Ngobeni uthe uyathemba ukuthi lesi sigwebo sizoba yisifundo nakwabanye abadlwenguli.

Leave a Reply