Utholakale Ezilengisile Usomatekisa

Share the news!!!

Share on facebook
Share on whatsapp
Share on twitter
Share on pinterest
Share on email

SEKUQUBUKE indida ngokuzibulala kowesilisa obenetekisi okuthiwa ubesanda kudayisa umuzi wakhe eRidgeview, eMayville, eThekwini.

UMnuz Lindokuhle Mkethelwa (43) utholwe ezilengise ehlathini kuyo le ndawo ngoLwesithathu ekuseni. Itekisi yakhe ayithenge emuva kokudayisa umuzi ihambela enkabeni yedolobha iTheku, kuthiwa akabikanga lutho kubantu ahlala nabo ngaphambi kokuthi athathe intambo ayozilengisa.

Ngokusho kwesihlobo sakhe, uNksz Nontokozo Ngxangani (34), umfowabo ubengumuntu othulayo futhi ongeke umbone uma ephatheke kabi.

“Mina ngokwazi kwami umfowethu ubengumuntu ogulayo ene-TB. Ubungeke umbone ngisho kukhona into emphethe kabi ngoba bekungasiyena umuntu ovulelekile ngezinto ezimhluphayo. Ngaphambi kokuthi enze akwenzile, kufike unina wengane yakhe angahlali naye ezomvakashela njengenhlala yenza. Uhambile unina wengane ngoLwesibili eseya emsebenzini wamshiya yedwa. Ukuthi usuke nini-ke eseyokwenza lento nathi asazi ngoba mina ngizwe sengithola ucingo kuthiwa angize ngizobheka umfowethu olengayo ehlathini,” kulandisa uNksz Ngxangani.

Uthe ufice umufi elenga ehlathini kucaca ukuthi kunesikhathi esifushane eshonile. Uthe ucabanga ukuthi umufi ubevele ekuhlosile lokhu ngoba akazange aye kude nehlathi kodwa usondele ngasemgwaqweni ukuze abantu bezosheshe bambone.

Umufi kuthiwa udayise umuzi wakhe ngonyaka odlule wathenga itekisi ngoba ezama imali. Ngokusho kukaNkk Gugu Cele (45) okuwuyena othenge umuzi wakhe, umufi akatshengisanga izimpawu zokuthi uphatheke kabi.

“Mina angihlali lana kodwa bengibuya njalo ngoLwesihlanu. Umufi besihlala naye enekamelo kuwona lo muzi awudayisa ngoba ubengenayo indawo yokuhlala. Ubengumuntu nje ovuka ekuseni ageze bese eyahamba ayogada itekisi yakhe. Ubengakaze angitshela lutho mayelana nokuthi kukhona okungamphethe kahle emoyeni,” kusho uNkk Cele.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya ngembangela yokushona kuka mufi.

 

Leave a Reply