Kuboshelwe Izingwazi Kowe Jazz

Share the news!!!

Thami Nkosi

KUZOBE kuboshelwe izinkakha emcimbini we Jazz oba minyaka yonke kulesi saso Gwini okuyi Ugu Jazz Fastival neselukhishiwe usuku lwayo

IUgu Jazz Fastival okuzobe kungokwesine ihlelwa iCyssound Holding nezoba mhla zingama-28 June kuwo lonyaka kulindeleke ukuba ibophele izingwazi ezinjengo Hugh Masikela, Johnny Clegg kanye no Kunle Ayo,njengalokhu belandele nokubungaza iminyaka engama-20 izwe laseNingizimu Africa lakhululeka.

UMeya waMasipala woGu uNkzz Ntombifikile Gumede etshela abezindaba esithangameni ebesibanjelwe eThekwini eRiverside Hotel uthe lomcimbi ulekelela kakhulu ezomnotho zakulesi sifunda, uphinde wakubeka kwacaca ukuthi kuzophinde kunikezwe abaculi abavelele bakulesi ithuba lokunyakazisa abathandi bomculo.

“Sinenhlanhla ngoba nathi sinabethu abaculi futhi abahlonishwayo kuleli abafana nabo Naima K kanye noHappy osanda kuhlomula ngendondo yomculi osafika wonyaka(new comer of a year) nokusenza siziqhenye kakhulu ngalomcimbi ngoba iwo kanye obavundululayo” kusho uGumede

Ongumphathi weCyssound Holding uSya Msomi uthe kulonyaka bazophinde baqinise kakhulu ezokuphepha ukuvikela abathandi bomculo.

Kanti kubaculi abazobe beboshelwekubalwa u Ringo Madlingozi, Pascala and Pierce, Zakes Bantwini, Afro Soul, Micasa, Berita,Afro Soul, Umkhumbane Jazz Band.

 

Leave a Reply