Thami Nkosi
KUQHUME iqupha kwaqhwiza umentshisi ngesikhathi izinsizwa zokufika nezisebenza ndawonye enkontilekeni eyakha umgwaqo uN2 zigagana endlini yentombi ehlala ezindlini zomxhaso kaHulumeni eMkholombe izolo kusihlwa nalapho kuthiwa lentokazi ibizibelethe njenga mamawele.
Kuthiwa kuzwakale ngobumayemaye kwabonakala intombi iphuma inqunu ibaleka amadoda ehlangene ngezihluthu endlini engu no 108 nokuthiwa kwakulendlu yayishiyelwa ngumkhwenyana wayo emuva kokuba bexabene eyibambe nesoka eminyakeni emithathu eyedlula.
Ozibonele ngamehlo nongumakhelwane walentokazi nongathandanga ukuba sidalule igama lakhe uthe lezi zinsizwa bezivamisile ukufika zombili kulona wesifazanenakuba bezifika ngokukhulu ukwahlukana kwesinye isikhathi.
“ngiyabazi bobabili laba bajwayele ukufika la endlini ka….. ‘esho edalula igama lalentokazi’ bengivele ngazi mina ukuthi uthandana nabo bobabili kodwa bengingacabangi ukuthi bebengabhaqana ngoba bekungena omunye emini hlampe ngezikhathi ze lounch bese sibona omunye futhi usibali uma sekushayisiwe nokuwuyena ebesizitshela ukuthi esenyongweni” kusho uMakhelwane obengathemelezi nakancane.
Lo wesifazane othintekayo uphikile ukuthi washiywa indoda ngoba ephisana kakhulu ngophaya wathi yena wahlukana nayo ngoba yayimishaya, uvele wabhoka wakhahlela ngesithi simubuza ngempi yamaqhuqe emzini wakhe wathi akundaba yezintatheli ukuthi ufaka yiphi indoda uyeka yiphi.
iKhansela leWadi uMnu Selolo Murafe uvumile ukuthi sikhona isehlakalo esifana nalesi esibikiwe kuyena
UMnu Phakamani Khumalo , 45 ongumnikazi walomuzi utshele abezindaba ze eHowazit ukuthi yana akamshiyanga lo wesifanae ngoba emupha muzi ingoba wayefuna ukuthi aze azitholele eyakhe indawo ngoba wayebona ukuthi uyathanda ukuphisana “ngophaya”