Kushe Izingane Zidlala Esigujini Sikagesi

Share the news!!!

 

IZINGANE  ezintathu bezidlala umachashelana ngesikhathi ezimbili zisha zicashe esigujini sikagesi endaweni yaseKatlehong, eKurhuleni ngoLwesithathu ntambama.

Amagama ezingane ebezicashe esigujini ngoDumisani Aphane, 5, noNathi Buqwini, 5.

Ngemuva kwemizuzwana zingene esigujini, kuzwakale ukuqhuma, kwalandela ngomlilo nezingane zimemeza ngaphakathi.

“Izingane zihlezi zidlala kuleliya bhokisi likagesi sizixwayisa ngalo kodwa zingezwa, kusho uBongiwe Buqwini umama kaNathi etshela abezindaba

“Ngesikhathi ngizwa lokukuqhuma ngibe sengiphuma ngiyobheka ngafika isigubhu sivutha omunye womakhelwane ekhipha izingane phakathi.

Izingane zaphuthunyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath okuyilapho ezilele khona e-ICU.

 

 

Leave a Reply