Kusolwa Abazukulu Ngokusha Kwezalukazi

Share the news!!!

 

 KUSENENDIDA ngesigameko sangoMgqibelo entathakusa lapho kushe kwangqongqa isalukazi silele ekamelweni eMpumalanga, eHammarsdale.

Omakhelwane bakaNkk Stoni Evelyn Ndlovu (72), bathi bafuna kuphenywe emndenini ngokufa kwakhe ngale ndlela ngoba kunezinsolo zokuthi abazukulu bakhe banesandla kulokhu.

Omunye womakhelwane ongathandanga ukudalulwa, uthe abomndeni wesalukazi bakhuluma izinto ezishayisanayo.

“Omunye wabazukulu ufike wasitshela ukuthi nguyena okhanyisile waphinde wacima ikhandlela endlini kagogo, kanti nengoduso yakhona nayo ithi iyona ecimile manje asisazi ukuthi kumele sikholwe bani,” usho kanje.

Uthe endlini kamufi bekungekho lutho ngaphandle kombhede.

“Ugogo ubengakwazi ngisho ukwenzani eyinto yombhede njengoba kade esanda kulimala uhlangothi. Manje kuyasolisa ukuthi kungavele kuqubuke umlilo ekamelweni lakhe futhi zingekho ngisho izinto ezingawudala,” usho kanje.

Omunye umakhelwane uthe kubethusile okushiwo omunye wabazukulu bakhe oyalele ukuthi kungazilelwa kubo wathi akucinywe ikhandlela ngoba umufi ubesebenzisa esinye isibongo.

“Lo mfana usitshele ukuthi uhambile wayohlola kumthandazi wamtshela ukuthi bangavumi ugogo angcwatshelwe kubo ngoba kuzoba yinkinga uma sekufanele bagezwe bona nomuzi,” usho kanje, wengeza ngokuthi lo mzukulu uphinde wabatshela ukuthi umthandazi uthe abawubhidlize ulawondi okushonele kuwo ugogo baphinde balahle nomlotha wakhe engakangcwatshwa. Izolo abazukulu bamiswe omakhelwane sebeqala ukuwubhidliza ulawondi kwathiwa abalinde umngcwabo.

Omakhelwane bachaze umufi njengomuntu obekhonze abantu.

Umzukulu kamufi uthe yena usola isoka likagogo uMnuz Alphues Ndlovu ngalesi sehlakalo.

“UNdlovu ubehlale efika lapha ekhaya elala zonke izinsuku kodwa ngosuku lwesigameko akafikanga,” usho kanje.

Eziphendulela uNdlovu, uthe yena ubesehlala emqashweni ngemuva kokuthi abazukulu bamxosha.

Uthe akasazi isizathu esabenza ukuthi bamxoshe ngoba nguyena nomufi akade bebondla.

Ikhansela lendawo uMnuz Nkosiphendule Dlamini lisigxekile lesi sehlakalo lanxusa amaphoyisa ukuba aluphenyisise lolu daba.

UDlamini uthe kuyacaca ukuthi umufi ubulewe ngoba bekucishiwe endlini yakhe ngesikhathi kuqala umlilo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sehlakalo kanti akekho oboshiwe.

 

Leave a Reply