KUZOSEPHUKA IZIDINDI ‘KHUNE’

Share the news!!!

Thami Nkosi
Ukaputeni weBafana Bafana u-Itumeleng Khune unxusa abalandeli bebhola eNingizimu Afrika ukuba beseke iqembu uma selibhekene neSpain ngoLwesibili ebusuku, wathi ngeke babadumaze.
Lo nozinti ophinde abe ngukaputeni weKaizer Chiefs, uthe iBafana izimisele ngokuqeda umgqigqo omuhle weSpain.,
Kuzobe kungokwesine la maqembu ebhekana kanti emidlalweni eyedlule iBafana ibilokhu ikhala ngaphansi.
“Sizobe sidlala ekhaya futhi ngeke sihlale emuva kulo mdlalo. Sizohlasela ngoba inhloso yethu ukwenza kahle,” kusho uKhune.
“ISpain ingompetha bomhlaba, inabadlali abaphambili abadlala kwiligi ephezulu emhlabeni, ngakho kuzoba wumdlalo omnandi abadlali abazowuthokozela.”
Uxwayise ngokuthi ukuzitanasela kweSpain kubona kuzophela namhlanje.
“Kuzomele bakhohlwe ngokuwina. Ngifuna ukuqinisekisa abalandeli bethu ukuthi ngeke sibadumaze.
“Ngemuva kokunqoba umklomelo weSports Star of the Year eSun City, ngingakuthokozela ukunqoba lo mdlalo futhi.”

Leave a Reply