UBULEWE ODALE INGOZI

Share the news!!!

Share on facebook
Share on whatsapp
Share on twitter
Share on pinterest
Share on email

Thami Nkosi

Umshayeli wetekisi waseThekwini, ulele kobandayo kulandela ukushaywa kanzima ngabagibeli ngemuva kwengozi yomgwaqo edlule nomphefumulo wemeneja ematekisi kwalimala nabanye ababili, kubika

Imeneja uJames Bantu Khoza, 53, ubesebenza erenki ephakathi edolobheni, ubesesebenze iminyaka engu-25.

Ingozi yenzeke emgwaqeni uDennis Hurley (Queen) Street, ngoMsombuluko ntambama.

Okulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane, uthi itekisi ishayise abantu besifazane ababili ngesikhathi izongena erenki.

Abantu ababonile isehlakalo, bangenele umshayeli ngenduku, bemgqema ngamabhodlela, waze washonela endaweni yesehlakalo.

Imeneja entsha uKing Zwane, uthe ngoLwesibili isimo besizothile, wathi abantu banovalo.

Omunye wabadayisa atafuleni kule renki, nongathandanga ukudalulwa igama, uthi umshayeli obulewe ungene erenki ehamba ngesivinini esiphezulu.

“Sizwe ubabuKhoza ethi: yehlisa isivinini, ugijimelani? Kwaba nomsindo omkhulu, itekisi yamshayisa.”

Umndeni wakwaKhoza uthi ugqemeke engeqiwa ntwala, umufi ubenonkosikazi nezingane ezinhlanu.

Kwesinye isehlakalo esehlukile, abantu abayisithupha bashonile ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo oPhongolo, kwalimala abanye abangu-35.

Kubikwa ukuthi ibhasi ebebehamba ngayo iqhunyelwe yisondo emgwaqeni ongu-N2.

 

 

 

 

Leave a Reply