Utholwe Elenga Obulale Intombi

Share the news!!!

Utholwe Elenga Obulale Intombi   KUSOLWA ukuthi wazibulala ngokuzilengisa ngesonto elidlule emuva kokuba ebulele intombi yakhe owesilisa obengunogada enkampanini iMbube. Isidumbu sikaMnuz Nkosinathi Nene (40) sitholwe ngumuntu obeyozikhulula ehlathini elingasesikoleni iVryheid Comprehensive silenga sesiqala ukonakala ngoMsombuluko ntambama. UNikeziwe Mkhize (25), ushonele esibhedlela eVryheid ngemuva kokugwazwa entanyeni kanti kuthiwa babebanga indaba yokuhlala ndawonye. Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe owesilisa othole isidumbu sikaNene uthe ube esetshela umqashi wakhe emuva kokubona isidumbu kwathintwa amaphoyisa. “Bese zikhona izimpawu zokuthi uyonakala nokucacayo ukuthi waqeda ukugwaza intombi yakhe naye wahamba wayozilengisa kuleli hlathi. Umndeni wakhe ubuke wafika esiteshini uzobika ukuthi kukhona ucingo lwakhe olungatholakali abasola ukuthi uhambe nalo bacela sibheke lona ukuthi lukuphi,” kusho iphoyisa. Lithe ngemuva kwalokho baqale ukumthungatha. “Ucingo siluthole emaphaketheni akhe umufi. Umndeni wakhe ubusulindele noma yini njengoba beshilo nabo ukuthi ubebabikela ngezinkinga ezikhona phakathi kwakhe nesinqandamathe sakhe,” kuchaza iphoyisa. Liphinde lathi baphinde bathola ukuthi umufi ubenqaba ukwaliwa njengoba uNksz Mkhize ubesemalile kodwa eqhubeka nokufika emqashweni wakhe. “Odadewabo bakaNene bayasho ukuthi bezikhona izinkinga phakathi kwalezi zithandani futhi uNene ubehlala ebatshela ngazo kodwa bebengakulindele ukuthi kungaze kuphume izidumbu zabo bobabili,” kuchaza yena. Udadewabo kaNksz Mkhize, uNksz Tshengi Mkhize uthe kubajabulisile ukuzwa ukuthi umsolwa utholakele eseshonile ngoba ukuya kwakhe ejele bekuzokwenza bangakutholi ukuphumula ngenxa yokuthi ngelinye ilanga ubeyobuye aphume. “Ingane yakithi ifile naye kwenzeke kahle wazibulala ngoba ijele belingamfanele. Abazali bami baphatheke kabi ngale nto eyenzekile futhi kusekude ukuthi bakhohlwe yiyo,” kusho uNksz Mkhize. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane uthe bayapheya ngokutholakala kwesidumbu sowesilisa.

Leave a Reply