UVUMA INDUKU UMQEQESHI

Share the news!!!

Thami Nkosi
Umqeqeshi weSpain, uVicente del Bosque, uthi uyabonga ngokuvunyelwa kweqembu lakhe ukuba lifake umdlali wesikhombisa ngesikhathi lithelwa induku yiBafana Bafana ngo-1-0.
Unozinti eBarcelona, uVictor Valdes, ulimale ngesiwombe sesibili, iLa Roja isiqedile ukushintsha, kanti bekubukeka sengathi kuzodingeka kuvimbe u-Alvaro Arbeloa.
Kodwa ngemuva kokuhilizisana ngamazwi kwabaqeqeshi, iSpain ibe isivunyelwa ukuba ifake uPepe Reina esikhundleni sikaValdes.
Ngesikhathi ebuzwa ngalokhu, uDel Bosque utshele abezindaba ukuthi, “Bese siqedile ukushintsha abadlali abayisithupha sabe sesicela ukufaka owesikhombisa.
“Sibuze unompempe ukuthi singakwazi yini ukufaka omunye umdlali, wavuma. Ukunikezwa ithuba lokushintsha bekungukwenzelwa isihe, siyabonga ngalokho.
“Ukulimala kukaVictor Valdes kubuhlungu ngendlela efanayo nokuhlulwa. “
Kodwa ubese esencoma iqembu likaGordon Igesund, wathi: “Imizuzu engu-20 yokuqala sidlale kahle, kodwa ngokuhamba kwesikhathi iNingizimu Afrika yaqala ukwenza kangcono, kuthe umdlalo usuyophela ibisidlala kangcono kunathi.
“Angeke sabeka zaba ngemiphumela, sihlulwe ngokungenakwenzelela.”

Leave a Reply