Zimkhalele oshaye unkosikazi ngesando

Share the news!!!

Share on facebook
Share on whatsapp
Share on twitter
Share on pinterest
Share on email

Thami Nkosi

Kuboshwe owesilisa okuthiwa ushaye unkosikazi wakhe ngesando eStoloesmnyama ngakwaGqwathaza, kusho amaphoyisa aseHighflats ngoLwesihlanu.

Isigameko senzeke ngesikhathi kunengxabano ngoLwesine, kusho uWarrant Officer Solomon Sibiya.

“Ubefuna ukuya kwenye indawo ukuyobhalisela umsebenzi ngesikhathi umsolwa emsola ngokuthi ufuna ukuya kwenye indoda,” usho kanje.

“Umsolwa ube esemshaya ngesando ekhanda nasemzimbeni.”

Owesifazane ubalekele endlini yangasese, wamlandela khona waqhubeka nokumshaya,” kusho uSibiya.

Ulimale ekhanda kanti uphuthunyiswe esibhedlela ngokuhamba kwesikhathi.

Kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-43 ubudala wabe esegcinwa esiteshini samaphoyisa eHighflats

Kulindeleke ukuba avele enkantolo maduzane.

 

Leave a Reply